D.B.Z. Ntuli’s biography, net worth, fact, career, awards and life story

Intro South African writer
Is

Writer

From

South Africa

Type

Literature

Gender male
Birth 1940
Age: 80 years

Deuteronomy Bhekinkosi Zeblon Ntuli (08 kuNhlaba we-1940) owaziwa ngoD.B.Z Ntuli okuyisifinyezo samagama akhe womathathu kanye nesibongo sakhe. UNtuli ungumbhali wamanoveli, izincwadi kanye nezindaba ezimfushane waseNingizimu Afrika ubhala ngolimi lwesiZulu. UNtuli ungomunsye wababhali abanegalelo elikhulu ukuthuthukisweni ukufundwa kanye nokuhlewa kolumi lwesiZulu. Uphinde ahumushe izinwcwadi ezibhalwe ngolimi lwesiNgisi azihumushele esiZulwini, incwadi egqamile ayihumusha ile kaNelson Mandela, esihloko sithi Uhambo Olude Oluya eNkululekweni (Long Walk to Freedom). UNtuli ungomunye wabasunguli benhlangano yebabhali eyaziwa ngokuhti Usiba.

Isiqalo sempilo nemfundo

UNtuli wazalelwa endaweni yaseoGcotsheni Eshwowe enyakatho neKwaZulu-Natali. Wafunda imfundo yamabanga aphakeme esikoleni samkhatholika esiseMariannhill esaziwa ngokuthi iSt Francis College, lapho aqeda khona umatikuletsheni (ibanga le-12). Waphothula iziqu zakhe eNyuvesi yakwaZulu .

Umsbenzi

Ngenkathi eqeda kwethweswa iziqu zakhe waya kosebenza esiteshini sezkusakaza kwa-SABC lapho ayesebnza khona njengomdidiyeli kanye nomethuli weznhlelo zesiZulu. Lomsebenzi wawenza iminyaka emithathu. Emava kwalomsebenzi wathola umsebenzi eNyuvesi yaseNingizimu Afrika lapho ayezoba khona ngumfundisi eMnyangweni weZilimi zase-Afrika. Ngonyaka wezi-1978 wathweswa zizqu zobuDokotela weziNcwadi (D Litt Degree). wazithola khona eNyuvesi yaseNingizimu Afrika (UNISA). Waphinde waba yinhloko yomnyango omncane weziZulu khona e-UNISA lesi iskhundla asiphatha iminyaka engama-32 ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi ngonyaka wezi-1999 .

UMPhemba wabhala izincwadi, ama-eseyi kanye nezindaba ezImfushane eziningi ezahlukahlukene. Usebhale washicilela zindaba kanye nama eseyi angama-16, eminye imisebenzi yakhe kubalwa izncwadi eziyi-10 kanye namaqoqo ezinkondlo aysisi-8. Kweminye imibhalo uphinde abhale ngokuhlanganyela eminye abe mgumhleli. Incwadi yakhe yokuqala esihloko sithi UBheka yashicilelwa eneminyaka engama-21 ngonyaka wezi-1962. Incwadi yakhe yesisbili, Ngiyoze Ngimthole yashicilelwa ngonyaka wezi-1970 .

UNtuli lapho aba khona negalelo elikhulu isezindabeni ezimfishane kanye nakuma-eseyi, nokho uphinde ahumushe imbihbalo eminingi ayiyise esisZulwini. imisebenzi yokuhumusha eqhamile kubalwa incwadi kaNelson Mandela i-Long Walk to Freedom wayiguqula yaba nesihloko esithi Uhambo Olunde Oluya eNkululekweni. Enye incwadi ayihumusha ileyo ka Kahil Gibran esihloko sithi The Prophet ayihumusha yaba nesihloko esithi UMphulpfethi.

Izindodo

Ngemisbenzi yakhe yemibhalo ehlukahlukene usahlabana izndondo ezingaphezu kwama-20. Izihlandla ezine zilandelalana, eminyakeni engama-20 usahlabana neNdondo iBW Vilakazi (BW Vikazi Award) okuyindondo yombhalo wesiZulu oseqophelweni eliphezulu. Lendondo wayeyehlabena khona izincwadi zakhe okubalwa kuzo: Imicibisholo kanye Izezizenze okuyizindaba ezimfishane kanye nama esesyi, Izimpande okungumlando wemibhalo yesiZulu, kanye nethi Imilando YakwaZulu okungumdlalo. Imibahlo eyithupa yezifundo zobudokela esibahliwe ngemisebenzi yakhe .

Imisebenzi [2][1]

  • 1962 – UBheka, Shuter and Shooter
  • 1970 – Ngiyoze Ngimtole, Educum
  • 1970 – Imicibisholo, Shuter and shooter
  • 1971 – Indandatho yesethembiso, Educum
  • 1978 – The Poetry of B.W Vilakazi, ePitoli: Van Schaik
  • 1978 – Uthingo lweNkosazana, Educum Publisher: eGoli
  • 1980 – Ugqozi 1, Van Schaik: ePitol
  • 1985 – Ngamafuphi: Izindaba Ezimfushane, De Jager-Haum Publishers: ePitoli
  • 1987 – Umtshingo, KwaZulu Booksellers: eThekwini
  • 1987 – Ingcamu, Shuter and Shooter
  • 1988 – Woza Nendlebe, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 1990 – Isicamelo: Izindaba Ezimfushane, Reac Out Publsihers: uMgungundlovu
  • 1991 – Lalela-ke: Imidlalo yomsakazo, Reach Out Publishers: uMgungundlovu
  • 1992 – Indoni Yamazi, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 1994 – Isibhakabhaka, Actua Press: ePitoli
  • 1996 – Amandl’ Esambane, Y Press: eThekwini
  • 1997 – Impilo Ingcono, Kagiso Media: ePitoli
  • 1998 – Yekantni Ulzuzenza, Kwela Books: eKapa
  • 2000 – Imilando yakwaZulu, UNISA Press: ePitoli
  • 2001 – Izinyembezi Zothando, Shutre and Shooter: uMgungundlovu
  • 2002 – Imibhalo ka D.B.Z Ntuli: Incwadi yokubonga, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 2002 – Ugqozi olumaphiko, Shuter and Shooter: uMgungundlovu
  • 2003 – Amadlelo aluhlaza, Shuter and Shooter: ePitoli
  • 2003 – Amaseko, Heinemann Publsihers (pty) ltd
  • 2006 – Ngingusosobala Mbatha, Shuter and Shooter, uMgungundlovu

Imithombo

You May Also Like

Yahoo Serious’s net worth, biography, fact, career, awards and life story

Yahoo Serious net worth: Yahoo Serious is an Australian actor and director who has a net worth of $100 thousand dollars. He achieved a flash of success after starring in the 1980s comedy Young Einstein. He was born in Cardiff, South Wales, Australia on July 27, 1953. His birth name is Greg Pead. He is best known for his fork in 1988’s Young Einstein, 1993′ Reckless Kelly, and 2000’s Mr. Accident. Serious is recognized as a movie powerhouse and is elbows deep in all facets of filmmaking. He attended Glendale East Public School as well as Cardiff High School and paid his own tuition to the National Art School in Sydney by working as a tyre fitter. He was eventually expelled and created his first film at the age of 21 known as Coaltown. His television series, Lifestyle, won the Australian Penguin Award for Best Educational Documentary a year later. In 1996, Serious received an honorary doctorate from the University of Newcastle with just three films under his name. He is currently a director of the Kokoda Track Foundation. Personal Life: In August 2020 it was reported that Yahoo had been evicted from his home in Sydney after failing to pay his $1,350-per-week rent for five months. He claimed his income had been hit hard by COVID-19. The home’s owner sued and won a $15,000 AUD judgment. He could have qualified for some assistance had he been able to prove a 25% drop in income. Unfortunately he was not able to show any income at all from before the Coronavirus, which meant he did not qualify for assistance.
Read More